‘Iziboshwa zakwamanye amazwe kumele ziboshwe emazweni azo’

Izigebengu zakwamanye amazwe ezigwetshwe emajele kuleli kufanele zidingiselwe emazweni ezidabuka kuwo ukuze ziqede izigwebo zazo kuwona, kusho ungqongqoshe wezokuhlunyeleliswa kwezimilo uPieter Groenewald.

Unethemba lokuthi uMnyango wezaseKhaya ungasiza ekudingisweni izigebengu zakwamanye amazwe ezinikezwe ushwele.

UMnyango kaGroenewald uchitha imali engu-R11m ngosuku ukhokhela iziboshwa zakwamanye amazwe, etshela ikomidi lezokuhlunyeleliswa kwezimilo ePhalamende ngoLwesibili.

“Abakhokhi bentela baseNingizimu Afrika bakhokhela abokufika abangaphezu kuka-24 000 ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo. Okuyimali engu-R463 ngosuku, lokhu kubangela izindleko zika-R11,112,000 ngosuku.

OLUNYE UDABA: Kuphuthunyiswe esibhedlela iziboshwa ‘uwolawola’ ungena engozini eRichmond

“Sibheka izixazululo ezahlukahlukene kanye nezindlela zokusebenzelana.”

U-Anna Molepo, iSekela likaKhomishana wezokuHlunyeleliswa kweziMilo emnyangweni, phambilini watshela ikomiti ukuthi isibalo sabagwetshwayo sabokufika emajele aseNingizimu Afrika sasingu-12,676 ngoJanuary 2025, okwakungu-12.4% weziboshwa ezigwetshiwe.

Leli komiti lachazelwa ngoFebruary ngezingqinamba umnyango obhekene nazo, okubalwa nezomthetho ezithinta imiyalelo yokuxoshwa kanye nokucutshungulwa kwabokufika. Umnyango uthe usebenzela ukuqinisekisa ukuthi umthetho we-Immigration Act uhambisana nezinhlaka ezifanele.

UMnyango utshele amalungu ePhalamende ukuthi usufuna ukuzimela ngokubhakela izinkwa zawo, osekuholele ekutheni wonge imali engaphezu kuka-R27.4m ngonyaka wezimali ka-2024/2025.

Umnyango unezindawo zokubhaka ezingu-11 ezifundeni eziyisithupha kanti esesi-12 sesizovulwa.

SowetanLive

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)