Kutholakale isidumbu empophomeni eseDrakensberg

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi avule icala lokubulala kulandela ukutholakala kwesidumbu eDrakensberg.

Amaqembu amaningana aphuthume endaweni yesigameko ezansi kweCathedral Peak ngoLwesibili.

Le ndawo yenze ukuthi kungafinyeleleki endaweni yesigameko, yaphazamisa imizamo yophiko lwaseMgungundlovu kanye neLadysmith K9 Search and Rescue, kanjalo neTugela SAPS.

Abe-SAPS babe sebethinta abophiko lwezoindiza ePitoli.

OLUNYE UDABA: Kusolwa inkabi ngendoda ebulawe eGreenwood Park

La mathimba aphindele kule ndawo ngoLwesithathu, aphuthunyiswa endaweni yesigameko ngendiza, njengokusho kwabazibonele.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uThenjiswa Ngcobo, uthe isidumbu sitholwe phansi kwempophoma engamamitha angu-40 emfuleni iThonyelana.

“ Isisulu salimala kaningi emzimbeni, kanti imbangela yokubulawa kwaso ayikaziwa.”

Sekuqinisekisiwe ukuthi singowokudabuka eLesotho, isisulu okuyindoda eneminyaka engu-39 ubudala.

Amaphoyisa athi abazibonela bakhomba indawo lapho abakholelwa wukuthi kungaba nesidumbu sesibili.

Amaphoyisa akhushulelwa onqenqemeni kodwa angathola lutho.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)