
Njengoba sekusele amasonto amabili kuqale izivivinyo zokugcina zikamatikuletsheni, iSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) KwaZulu-Natal isiphakamise ukuthi kuqhutshekwe nezivivinyo ngaphandle kokuphazamiseka.
UNdunankulu waseKZN uThami Ntuli kanye noNgqongqoshe wezeMfundo uSipho Hlomuka bavakashele isikhungo soku-print izivivinyo zeNational Senior Certificate (NSC) eThekwini ngoLwesibili.
UNtuli uthe ugculisekile ngokulungela kwesifundazwe amaphepha e-NSC nezinhlelo zokuphepha zaseKZN zokuqinisekisa ubuqotho bezivivinyo.
UNobhala wale nyunyana esifundazweni, uNomarashiya Caluza, uthe othisha nabafundi basebenze kanzima ukulungiselela izivivinyo zikamatikuletheni (Grade 12).
OLUNYE UDABA: Owezemfundo eKZN unxusa abafundi ukuba bawasebenzise ngendlela efanele amaholidi ezikole
Nokho, ukhathazekile ngokuqubuka kwemibhikisho eholwa wumphakathi.
“Akumele kube neziphazamiso noma ukuphazamiseka kwemiphakathi, kwesinye isikhathi iba nemibhikisho ezophuca izikole ngokubambezeleka kokulethwa kwamaphepha.
“Othishanhloko nethimba labaphathi bezikole benze konke mayelana nokuqeqesha abaqapha abafundi uma bebhala, sinethemba lokuthi kuzohamba kahle.”
Khonamanjalo, uhulumeni ukuqinisekisile ukuthi ukukhokhelwa okubambezelekile kwezinkulungwane zama-Educator Assistants nama-General School Assistants ngaphansi kwe-Basic Education Employment Initiative (BEEI) sekugcine kudedeliwe.
