BALOBIZELA UKUBONA USALENG KWI SOWETO DERBY ABALANDELI

Iningi labalandeli be Orlando Pirates sebephumele obala ngokunganami kwabo ngokungabonakali kuka Monnapule Saleng emidlalweni yakamuva ye Pirates, USaleng ugcine ukubonakala enkundleni mhlaka 07 December 2024 nalapho ezimnyama zazidlala khona ne Al ahly kumqhudelwano we Caf champions league nokumdlalo owagcina uphele zibambene ngokulingana.

. Akukho ukulimala okuke kwamenyezelwa iPirates ngalomdlalo, kanti emasontweni adlule ezimnyama zikhiphe isitatimende zicacisa ukuthi lomdlali usangowabo akayi ndawo, ngokomthombo uveza ukuthi lomdlalo kunezinto ezithinta impilo yakhe obesazilungisa kanti kwimanje uyaziqeqesha neqembu njengoba kulindelekile ukuthi abonakale enkundleni.

.USaleng emidlalweni wokugcina we Soweto derby wavalela amagoli amabili ngesikhathi Ezikamagebhula zishaya Amakhosi ngo 3-2 ngonyaka odlule, abalandeli be Pirates sebephumele obala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bengakujabulela ukubona lomdlali kumdlalo we Soweto derby ozokuba seFnb stadium ngehora lesithathu mhlaka 01 February 2025

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

One thought on “BALOBIZELA UKUBONA USALENG KWI SOWETO DERBY ABALANDELI

  1. **mitolyn reviews**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *