
Owesilisa oneminyaka engu-22 ubudala usale ngenikha nesikibha kuphela kulandela ukubanjwa inkunzi yizigebengu ezimbili eduze naku-Oaklands Drive eVerulam, KwaZulu-Natal.
Isisulu besihamba ku-Oaklands sibheke enkabeni yedolobha laseVerualm siyofuna umsebenzi ngesikhathi sihlaselwa ngabantu ababili, oyedwa wabo wamkhomba ngesibhamu emfuna izimpahla zakhe. kuthe isisulu uma sichaza ukuthi asinalutho sibe sesikhunyuliswa izimpahla ebesizigqokile, okuyibhulukwe le-jean namateku e-Adidas. Zombili lezi zigebengu zibaleke ngezinyawo zayongena ehlathini ebelingaphesheya komgwaqo.
Isisulu sibe sesiya emahhovisini onogada bakwa-Reaction Unit South Africa khona eVerulam siyofuna usizo.
OLUNYE UDABA:Kuqhume inganono kubanjwa inkunzi esikoleni esiseVerulam
Abakwa-RUSA babe sebehamba nesisulu bebuyela endaweni yesigameko e-Oaklands lapho abafike babheka khona izigebengu, yize kunjalo akuboshwanga muntu.
Umsowa obehlomile ubegqoke ijakhethi emnyama nebhulukwe elimnyama kanti omunye ubegqoke isikibha esimhlophe nebhulukwe le-jean e-blue.
Izithombe:


–RUSA
