IZITHOMBE: Umphakathi ukhala ‘ngabazitika’ ngocansi emathuneni

Inkampani yonogada ezinze eVerulam i-Reaction Unit South Africa (RUSA) ithole imibiko eminingi evela kwizakhamuzi enkabeni yedolobha lseVerulam, KwaZulu-Natal, mayelana nabantu abasolwa ngokuzibandakanya ezenzweni ezingcolile ngaphakathi emathuneni aseWick Street.

Kubikwa ukuthi lezi zigameko bezilokhu zenzeka kusukela ngoJanuary 2026, lapho izakhamuzi zisola ukuthi amadoda ahlukene avakashela emathuneni i-Wick Street Local Cemetery njalo emini nasebusuku lapho kuthiwa enza khona imikhuba yocansi namatshe asemathuneni ebe ebuka ama-video ocansi.

Namuhla ekuseni (ngoMsombuluko), inkampani yezokuphepha kwenzawo nenakekela indawo ihlale ihlanzekile i-Project 360 ixhumane nehhovisi lakwa-RUSA icela usizo ngemuva kokuthola izikhalazo eziphindaphindiwe ezivela kubantu abahlala efulethini eliseduze namathuna.

OLUNYE UDABA: Basezikhindini abokufika abebephoqa abesifazane ukuziqopha benza ucansi ku-internet

Ngokusho kwezakhamuzi, amadoda ahlukene alinganiselwe kwamane abonakala enza lo mkhuba mihla yonke kanti izakhamuzi zithi umsindo wama-video ocansi ulalelwa nayizingane ezihlala eduze nala mafulethi.

Kubikwe nokuthi izisebenzi zikamasipala kanye namalungu omphakathi azama ukuwaxosha la madoda. Yize kunjalo, la madoda abuyela emathuneni, ayoqhubeka nokwenza le mikhuba kanti kwesiknye isikhathi akwenza ebukwa ngamalungu omphakathi.

Kuzwakale nokuthi la madoda awezinhlanga ezahlukene futhi alokhu eya emathuneni emini nasebusuku.

Abe-RUSA bazoqapha indawo besebenzisa i-drone bephinde bepatilola kule ndawo.

IZITHOMBE: