
I-McDonald’s South Africa isilethele ubumnandi bomhlaba wonke-jikelele, lapha edolobheni laseThekwini ngomcimbi wokwethulwa kwe-World Menu Heist, eThekwini, eNingizimu Afrika, ngoMsombuluko.
I-McDonald’s South Africa yethule ngokusemthethweni umkhankaso wayo ojabulisayo we-World Menu Heist eShaka Marine World, kanti lo mkhankaso uqguqguzelwe ngabathengi baseNingizimu Afrika befuna ukuzwa ukudla kwakulesi sitolo okuhlukile okukhona kumamenyu emazweni omhlaba.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: I-McDonalds SA nezidlo ezihambisana nezipho zeNdebe yoMhlaba ye-FIFA 2026
Kulesi sikhathi esikalelwe, i-McDonald’s South Africa isebenzise ezinye zezinongo zomhlaba okukhulunywa kakhulu ngazo emhlabeni wonke-jikelele ukuba abantu bakuleli bathole ithuba lokuzizwa.
IZITHOMBE:









