
Kudlule emhlabeni umuntu oyedwa oshe nendlu kwathi omunye waphuthunyiswa esibhedlela endaweni yaseChatsworth, namuhla ekuseni.
Abezicishamlilo baseThekwini i-Fire and Emergency Services bafike endaweni yesigameko cishe ngezithuba zabo-05h30 eMontford, eChatsworth
Ngesikhathi izicishamlilo zifika zifice ilangal]bi selili khulu, umuzi oyizitezi ezimbilin usha wonke. Ukuba khona kwentuthu eningi nomlilo onamandla kwenze kwanzima ukusebenza kwabezimo eziphuthumayo.
Naphezu kobunzima bomlilo, kusinde umuntu oyedwa ohlala kulo muzi obusha nakuba eselinyazwe wukuhogela intuthu.
Umuntu othole ukulimala kuleli langabi ulashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela ukuze ayothola ukunakekelwa okwengeziwe.
OLUNYE UDABA: Kuyaphenywa ngokushona kwezelamani kusha umuzi eLadysmith
Kutholakale owesilisa ngaphakathi endlini eshe kakhulu emzimbeni wahlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko.
Abacimi bomlilo basebenze ngokukhulu ukushesha ukuvimba umlilo kanye nomonakalo owengeziwe. Umlilo bawucisha cishe imizuzu engu-20 ngemuva kokufika endaweni yesigameko.
Abasebenzi bezokwelapha bezimo eziphuthumayo kanye namalungu e-South African Police Service bebekhona endaweni yeisgameko.
Imbangela yomlilo ayikacaci.
I-Fire Safety Services yenza uphenyo ukuze kutholakale umsuka kanye nembangela yalesi sigameko.
UMasipala udlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani bowesilisa oshone kulo mlilo babe sebefisela osindile ukululama okusheshayo.
UMasipala unxusa izakhamuzi ukuthi zibeke phambili ukuphepha emlilweni, njengoba izinyathelo ezilula zingavimbela ukushona kwabantu.
IZITHOMBE:




