
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natali, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uqinisekise izakhamuzi ukuthi amathimba abhekelele izinhlekelele esifundazweni asiqaphe ngelokhozi isimo sezulu kulandela ukwanda kwezixwayiso ngezimo zezulu zakwa-South African Weather Service (SAWS).
Izinga lesixwayiso semvula ephazamisayo ngasogwini kanye nasezindaweni ezingaphakathi selibekwe ku-Level 6 kusukela namuhla kuze kube uLwesithathu.
OLUNYE UDABA: Izangoma zezulu kuleli zixwayisa ngezimvula ezinamandla eKZN
Izindawo okulindeleke ukuba zithinteke kakhulu ngenxa yalezi zimvula, ezigudla ngasogwini, ikakhulukazi i-eThekwini Metro, KwaDukuza, uMhlathuze, uRay Nkonyeni, uMdoni, uMandeni, uMtubatuba, iBig Five Hlabisa, uMlalazi, kanye naseMzumbe.
UNgqongqoshe uMfundisi uThulasizwe Buthelezi unxusa kakhulu abashayeli bezimoto kanye nabahamba ngezinyawo ukuba basebenzise imizila ephephile futhi bagweme ukuwela imigwaqo egcwele amanzi, amabhuloho aphansi, noma imifudlana egeleza ngokushesha futhi efika ngaphezu kwamaqakala. Izakhamuzi ezisezindaweni ezisengozini kumele zithathe izinyathelo zokuphepha ngokushesha, zithuthe izinto ezibalulekile, futhi zihambise imfuyo ezindaweni eziphakeme.
Izakhamuzi zixwayiswa ngobungozi obubangelwa yilezi zimo zezulu ezimbi, okubalwa:
- Izikhukhula ezindaweni zasemjondolo, imigwaqo, amabhulohwe kanye nemifudlana.
- Ubungozi empilweni yomuntu ngenxa yezikhukhula
- Ukuphazamiseka kokuhamba kwezimoto emigwaqweni emikhulu ngenxa yemigwaqo egcwele amanzi.
- Ukuphazamiseka okungenzeka kwizinsiza zikamasipala kanye nezinsizakalo ezibalulekile (amanzi, ugesi, kanye nezokuxhumana).
- Umonakalo kwizakhiwo, ikakhulukazi emizini eyakhiwe ngodaka.
