
Ifile inkomo ebizulazula emgaqweni u-Old Inanda Road ngemuva kokushayiswa yitekisi ebelidlula eBuffelsdraai, KwaZulu-Natal.
Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-19:04 ngeSonto lwangomhlaka-26 July 2026). Kuthintwe onogada bakwa-Reaction Unit South Africa, bafice inkomo idindilize emgaqweni netekisi lohlobo lwe-Toyota Quantum emhlophe ebulimele kakhulu ngaphambili kanye nefasitela langaphambili.
OLUNYE UDABA: Umphakathi unxuswa ukuba ukubeke eqhulwini ukugoma izilwane kulandela ukuphuma kwesidumbu ngenxa yamarabi
Umshayeli wetekisi utshele amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) ukuthi ubelibangise e-Tea Estate eNanda, eKZN ngesikhathi inkomo ingena emgwaqweni kungalindelekile. Lo mshayeli uthi uzamile ukuyivika kodwa wehluleka ngenxa yobumnyama bomgwaqo.
Umshayeli akalimalanga.
IZITHOMBE:




