
INkantolo yeMantshi yaseGoli kulindeleke ukuba ikhiphe isinqumo mayelana nesicelo sebheyili sePhini leNhloko yamaPhoyisa aseKurhuleni Metro elimisiwe uJulius Mkhwanazi, namuhla ekuseni.
UMkhwanazi, kanye noFakazi K beKhomishana kaMadlanga, basagcinwe esitokisini ngenxa yokubandakanyeka kwabo okusolwayo ekwebiweni kwamatshe ayigugu ngo-2023 eGoli.
UMbuso ukhombisile ukuthi awuphikisani nebheyili.
OLUNYE UDABA:UJulius Mkhwanazi kulindeleke ukuthi avele phambi kwe- SAPS Ad Hoc Committee
UMshushisi uZwelethu Matha utshele inkantolo ukuthi abukho ubufakazi obukuthi abasolwa bazobaleka noma baphazamise inqubo yezomthetho.
UMatha uthi, “Kubonakala sengathi, njengoba simi, abukho ubufakazi obukhomba ukuthi abafake izicelo phambi kwale nkantolo bazobaleka. Kulolu daba azikho izinkomba zokuthi angeke babambisane nenkantolo okanye babalekele icala labo. Ubufakazi obukhona abutshengisi ukuthi abafaki izicelo phambi kwale nkantolo abafaneleki ukuthola ibheyili. Ngaleso sizathu, sibe sesithumela eNkantolo Ehloniphekile ukuthi umbuso awunasisekelo sokuphikisa ibheyili.”
