
Izakhamuzi zaseBloemfontein eFree State zithi azisenalo ithemba kuhulumeni njengoba izitolo eziphethwe ngabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ziqhubeka nokusebenza.
Izakhamuzi zaseBochabela zibambe umhlangano lapho kudingidwe khona ngempendulo evela kuMnyango wezaseKhaya.
Izakhamuzi zithi zikulungele ukuvala ama-spaza shop kanye nezindawo zokucwala izinwele eziphethwe ngabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi.
OLUNYE UDABA: “Sinyuke kancane isibalo sabafulathela iNingizimu Afrika”
Lokhu kuqhubeka, naphezu kwabanye abaholi bombhikisho obungomhlaka-30 kuJune njengengxenye yesicelo sikazwelonke sokususa bonke abantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi, becela izakhamuzi ukuba zilinde impendulo evela ehhovisi likaNdunankulu.
Umholi womphakathi uTankiso Thoabala uthi uhulumeni usanezinsuku eziyisikhombisa zokuphendula.
UThoabala uthi kumele kuphume bonke abokufika ukuze bekwazi ukubona abasele nabo ukuzo kuzohlelwa kahle.
