
Kuboshwe umshayeli wetekisi ngezinsolo zokushayela ephuze utshwala.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi amaphoyisa akwaMasipala weTheku eqhuba umsebenzi wokuhlolwa kwezimoto kuJulius Nyerere Road eduze naseClermont Taxi Rank, lapho amalungu eStrike Team emise asesha itekisi.
Amaphoyisa abe esethatha umshayeli amusa esiteshini samaphoyisa saseBosch Hoek lapho ahlolwe khona uphuzo oludakayo emzimbeni, wafuthiswa kwatholakala ukuthi liningi izinga lotshwala emzimbeni wakhe.
OLUNYE UDABA: Akukaboshwa muntu kulandela i-video yezingane ziphuza utshwala
Umshayeli uboshwe ngecala lokushayela ephuze utshwala fkanti futhi uhanjiswe nasesibhedlela i-Addington Hospital eyothola kuyokwenziwa izinqubo zokwelapha ezibekiwe.
Icala licutshungulwa ngokuhambisana nezinqubo zomthetho ezifanele.
