Izinkulungwane zabokufika zisahlezi eMusina

Inqwaba yabantu abadabuka eMalawi basahlezi eMusina eduze nomngcele waseBeitbridge.

Abaningi balinde ukuqinisekiswa kuMnyango wezaseKhaya kanti abanye bachithe izinsuku ezine belele endaweni evulekile.

Baveze ukukhungatheka ngokubambezeleka kwenqubo yokubuyiselwa kwabantu.

OLUNYE UDABA: Siyehla isibalo sabokufika eDurban Drive-in site

Izinkulungwane zabafuduki zisacutshungulwa eBeitbridge Border Post.

Abantu abaningi bathi bahlale isikhathi eside kakhulu kuleli nezimvume zabo seziphelelwe yisikhathi ngakho kumele bacutshungulwe ngaphambi kokuya ezweni labo.

Abanye bakhononde ngezimo ezimbi, okuhlanganisa nokuntuleka kokudla nendawo yokuhlala.

Kodwa izikhulu zikahulumeni zithi zimatasa nomsebenzi ukuze ziqede olayini abade.

Amabhasi engeziwe kulindeleke ukuthi afike eMusina.

eNCA