Odilikajele kwababulala izithandani eKZN

INkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal eThekwini igwebe uSafdeen Aslam Del Vecchio, unkosikazi wakhe uFatima Patel, no-Ahmed Jackson Musa odilikajele ababili ngamunye ngokutholakala necala lokubulala uRodney noRachel Saunders.

Izisulu zathunjwa ngasehlathini lasoNgoye ngo-February 2018 ngesikhathi ziqoqa izitshalo. Zabanjwa inkunzi izimpahla zazo ngaphambi okubalwa kuzo; amakhadi asemabhange, abasolwa athenga ngawo eThekwini. Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, zombili izisulu zabulawa izidumbu zazo zayolahlwa eMfuleni, uThukela.

Kwabikwa icala lokuthumba esiteshini samaphoyisa aseHlobane kwabe sekuqala uphenyo kwathi ngomhlaka-15 February amaphoyisa abopha uDel Vecchio nokosikazi wakhe uPatel. Ngesikhathi beboshwa kwatholakala impahla yezisulu emzini wabo. Ngemuva kwamasonto amathathu kwaboshwa uMusa naye wathweswa amacala akhe.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba bagwetshwe abebekhwabanisa izincwadi zokushayela eKZN

UDel Vecchio, uPatel noMusa bagwetshwe udilikajele ababili ngokubulala izithandani. Bagwetshwe neminyaka engu-15 ngamunye ngokubamba inkunzi kanye neminyaka emine bebhadle ejele ngokweba.

UDel Vecchio wagwetshwa iminyaka emihlanu eyedwa ejele ngelinye icala lokucekela phansi impahla.

Abasolwa kwathiwa abakufanele ukuba nesibhamu kanti futhi izigwebo zabo bazozidonsa kanye kanye.