UNdunankulu uchaze ngezimo zemibhikisho yakamuva esifundazweni

UNdunankulu waKwaZu-Natali uThamsanqa Ntuli uchaze ngezimo ezenzeke ngesikhathi semibhikisho emelene nokufuduka ngokungemthetho, yangomhlaka-30 June 2026 ebinokuthula nokuhleleka.

UNdunankulu ubekhuluma kwisithangami sabezindaba namuhla ehambisana noKhomishana wamaPhoyisa wesiFundazwe oBambile uMajor General Makhoba, uMajor-General Madondo, kanye noMqondisi-Jikelele osanda kuqokwa uNokuthula G. Khanyile.

Ngesikhathi sesithangami, uNdunankulu uNtuli ubonge abantu baKwaZulu-Natal ngokuvumela intando yeningi ukuthi kube yiyo enqobayo.

OLUNYE UDABA: “Ayinabudlova imibhikisho emelene nabokufika ngokungemthetho kuleli”

UNdunankulu ubonge abomthetho ngokusebenza ngokuzikhandla nangokucophelela ukuvimbela isiphithiphithi ebesingadaleka ngesikhathi semibhikisho.

Uphinde wancoma imiphakathi ngokubonisa ukuhluzeka kwengqondo ngalesi sikhathi kodwa ubagxekile abantu abathathe imibhikisho njengethuba lokwenza ubugebengu, ubudlova nokucekela phansi impahla.

UNdunankulu ushayele ihlombe amaphoyisa ngokuboshwa kwabantu abangu-51 abasolwa ngokuphanga kanye nokucekela phansi impahla. Lokhu kuthumele isixwayiso esiqinile kwabephula umthetho ukuthi ayikho indawo yabo esifundazweni saKwaZulu-Natal.