Kuboshwe owokufika ngezinsolo zokubulala

Kuboshwe owesilisa odabuka e-Ethiopia oneminyaka engu-29 ubudala ngezinsolo zokubulala owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala eMagogoe Tshepang Village, eNorth West.

Isigameko senzeke ngoLwesithathu lwangomhlaka-1 July ngezithuba zabo-16:30. Kusolwa ukuthi umsolwa wagwaza isisulu ngento ebukhali ngesikhathi kuqhubeka ingxabano, esishiya namaxeba amabi.

OLUNYE UDABA: Usephethe ngokuzibulala obesolwa ngokugwaza abantu eMzinto

Isisulu saphuthunyiswa emtholampilo siyothola ukwelashwa kodwa ngeshwa sakwenela ngenxa yobubi bamanxeba.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMmabatho maduze kanti uzobhekane necala lokubulala.

Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ngaleli cala.