Umndeni ufuna ubulungiswa ngokutholakala komzimba wentombazanyana, 7

Ubaba wengane eneminyaka eyisikhombisa ubudala uLathitha Mtolo, owanyamalala emjondolo yaseKokstad, ucela ubulungiswa ngendodakazi yakhe, njengoba uphenyo ngezimo ezizungeze ukufa kwengane luqhubeka.

Umndeni waseningizimu yeKwaZulu-Natal uthi ukutholakala komzimba okuqinisekiswe ukuthi ngokaLathitha Mtolo oneminyaka eyisikhombisa ubudala sekwenze umndeni uthole ukuphumula enhlizweni nakuba kunzima kulandela ukufunwa kwakhe izinyanga eziningi.

Le ntombazanyana yanyamalala emjomdolo yaseMarikana eKokstad ngoFebruary.

OLUNYE UDABA: Ibuyela enkantolo indoda esolwa ngokukhulelisa intombazane, 11

Ngokusho kwamaphoyisa, ukuhlolwa kolibofuzo kuqinisekise ukuthi umzimba  osanda kutholakala ngokaLathitha.

Ubaba kaLalitha, u-Immanuel Gibixego, uthi kube yisikhathi esinzima emndenini.

“Akukho esingakwenza ngaphandle kokwamukela isimo njengoba sinjalo. Sicele amaphoyisa ukuthi asivumele senze ukuhlolwa kolibofuzongokwethu ukuze sigculiseke. Uma sekuphuma imiphumela kuzophoqeleka ukuba samukele osekwenzekile, kodwa kube nzima kakhulu.”

Unxuse abaphenyi ukuthi baqhubeke nokulandela leli cala kuboshwe abenzi bokubi, babhekane nomthetho.

Newswatch