Ugcine eboshiwe umshayeli odlule amaphoyisa kwisivimbamgwaqo

Alizange lime nhlobo iveni elisiliva ebelimiswa ngamaphoyisa omgwaqo emgwaqweni u-M35 Umbumbulu ngokubambisana namaphoyisa ophiko lwe-SAPS aseBhekithemba, lakhetha ukudlula ngesikhulu isivinini.

Amaphoyisa abe eselilandela leli veni cishe amakhilomitha ayisithupha ngaphambi kokuba ligcine limile. Umshayeli waphuma emotweni ehlome ngembazo eqhubeka nokulwa namaphoyisa naphezu kokuba ebexwayiswa ngokuphindelela.

Ngemuva kwalokho kube sekuthunyelwa inja yokuqapha okuyiyo ebambe umsolwa ngempumelelo, nokuyikho okuholele ekutheni isikhali siphonswe phansi kanti umsolwa waboshwa.

OLUNYE UDABA: Intukuthelo ngokushona komfana, 14, obeshayelela ubaba wakhe

Umsolwa ubuyiselwe lapho kunesivimbamgwaqo khona lapho afuthiswe khona, kwatholakala ukuthi izinga elingu-0.59 mg/l. Kwathathwa isampula yegazi. Umsolwa uthuthwe wayokwelashwa ngaphambi kokuba aboshwe esiteshini samaphoyisa aseBhekithemba.

Ngalesi sivimbamgwaqo kuboshwe abantu besilisa abangu-18 ngelokushayela bedle amanzi ampnjwana.

Amaphoyosa akwaMasipala weTheku kanye nawo phiko lwe-South African Police Service ayaqhubeka nokuqinisa umthetho kubashayeli abashayela becwile kwezikaFaro nabayingozi ukuze kuthuthukiswe ukuphepha emigwaqweni yethu.