

Kubulewe owesifazane oneminyaka engu-75 ubudala esigodini saseNgcobo, e-Eastern Cape ngemuva kokusolwa ngokuthakatha.
Amaphoyisa athi amalungu omndeni wakhe amhambisa emfuleni oseduze lapho abulawelwa khona.
Lesi salukazi sashaywa ngepulangwe safakwa emanzini, besigwilizisa.
Isidumbu sakhe esinqunu sitholakale eduze komfula sinemivimbo ekhanda nasebusweni kanye namanxeba okuklinywa entanyeni.
OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abahlanu besolwa ngokuthakatha
Abasolwa babalekile endaweni yesigameko kanti akukaboshwa muntu okwamanje njengoba amaphoyisa esaphenya ngecala lokubulala.
Ivideo esabalele, eyaqoshwa ngosuku lwesigameko ivuse intukuthelo.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uBukiwe Fanta ukugxeke kakhulu ukubulawa kwalesi saguga.
Uthi le nhlekelele iyingxenye yenkinga ekhulayo esifundeni sase-Alfred Nzo, lapho abesifazane abane babulewe khona ngoMay kuphela.
UFanta unxusa imiphakathi ukuthi ingahambisani nokucwasa okuhlobene nobuthakathi futhi ivikele abesifazane namaqembu asengcupheni yobungozi bobudlova.
