Bazovela maduze enkantolo abathumba abaphunyelwa yimali ka-RAF

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal ahlenge owesifazane owathunjwa kanye nabanye abantu abayisikhombisa ekhaya labo eliseChappies Section, endaweni yaseMandeville eSundumbili ngamadoda angaziwa ekuseni ngoLwesihlanu, lwangomhlaka-15 May 2026.

Kubikwa ukuthi izisulu eziyisikhombisa zadedelwa kamuva endaweni yaKwaDabeka, kodwa owesifazane, osanda kuthola imali yakhe ye-Road Accident Fund (RAF), wahanjiswa endaweni engaziwa.

Ithimba lamaphoyisa ophiko lwe-SAPS Provincial Tracking Team laqala umsebenzi. Amaphoyisa awazange athathe isikhathi sokuthola enye yezimoto ezimbili ezasetshenziswa ukuthumba abantu, aphinde abopha abasolwa abathathu. Uphenyo luholele amaphoyisa ePhoenix lapho isisulu, esiseminyakeni eko-30 ubudala satholakala khona singenamyocu.

OLUNYE UDABA: Izoqala ngoMsombuluko ozayo inqubo yokukhokhelwa kwabafaka izimali zabo ebhange Ithala

Amaphoyisa anxusa abazuzi be-RAF ukuthi bangazidaluli izinkokhelo zabo noma bagabise ngemali.

Abasolwa bazame ukukhipha imali kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, bagcina ngokuthenga ngemali efinyelela ku-R30 000.

Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo maduze kanti uphenyo lusaqhubeka ukuthola abanye abasolwa abathintekayo uma besakhona.