Kuxwayiswa ngesimo sezulu sika-Level 2 eKZN

UMasipala waseThekwini unxusa izakhamuzi ukuthi zihlale ziqaphile kulandela isexwayiso sezulu sika-Level 2 esikhishwe ngabakwa-South African Weather Service, esiqala namuhla emini kuze kube yisebusuku.

Izibikezelo zikhombisa ukuthi kuzoba nezimvula ezinkulu kuso sonke isifundazwe saKwaZulu-Natal, kanti isifunda saseThekwini kulindeleke ukuthi sithinteke kakhulu.

Kulindeleke ukuthi kube nezimvula ezinkulu, umoya onamandla nongadala umbonakalo, ukubanika kanye nesichotho namuhla, okubeka engozini impilo zabantu, impahla kanye nengqalasizinda.

Kulindeleke ukuthi kube nezikhukhula emigaqweni, emabhulohweni nasezindaweni eziphansi, kanti kungase kubenzima ukubona nokushayela emigaqweni eshelelayo.

OLUNYE UDABA: Umndeni uchithe owamaLungelo Abantu uthungatha owahamba nezikhukhula

Izakhamuzi ezindaweni ezivame ukuba nezikhukhula, okubalwa nezindawo zokuhlala ezingahlelekile, ziyanxuswa ukuba zithathe izinyathelo zokuphepha ukuze zizivikele zona kanye nemindeni yazo.

Abashayeli bezimoto bayalulekwa ukuthi banciphise isivinini, balandele amabanga aphephile, futhi baqaphele kakhulu emigwaqweni emanzi.

Izakhamuzi ziphinde ziyanxuswa ukuba zihlale ezindlini zikugweme ukuthatha uhambo ngaphansi kwezimo zesimo sezulu elibi.

Ithimba elibhekelele izinhlekelele lakwaMasipala kanye nezinsizakalo eziphuthumayo lisiqaphile isimo futhi livivile kunoma yiziphi izigameko ezingase zehle.

Izakhamuzi zikhuthazwa ukuthi zilandele izinkundla zokuxhumana zakwaMasipala ezisemthethweni ukuze zithole izibuyekezo eziqondile kanti futhi ziyakhunjuzwa ukuthi zingalokothi zizame ukuwela imifula, ikakhulukazi lapho amazinga amanzi ephakeme kakhulu.

Uma kunezimo eziphuthumayo, xhumana neSikhungo Sokuphathwa Kwezinhlekelele seDolobha iTheku ku-031 361 0000.