
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal unxuse abazali nabo bonke abahlala nezingane ukuba baqale ukufaka izicelo zokwamukelwa kwabafundi ngonyaka wezemfundo ka-2027 kusenesikhathi ukuze bagweme ukungazitholi izikhala zokufunda ezikoleni abazithandayo nabazikhethela zona.
Lesi saziso somnyango sokubhaliswa kwabafundi osekuqalile sibalulekile njengoba minyaka yonke abazali bebika ukuthi abakwazi ukutholela izingane zabo izikhala zokufunda, okuyisimo amakhansela amawadi kanye nomnyango wezemfundo abathi sibangelwa yizicelo eziphe ukufakwa.
OLUNYE UDABA: Uphenyo ‘ngezipoki’ zothisha nabafundi ezikoleni zaseKZN
Ukubhaliswa kwabafundi ezikoleni kuvulwe ngoLwesithathu, womhlaka-8 April kanti kuzovalwa ngoMsombuluko womhlaka-31 August 2026.
Ngaphezu kokubhalisela ukufunda kusenesikhathi, okhulumela uMnyango wezeMfundo e-KZN uMuzi Mahlambi weluleke abazali nalabo abahlala nezingane ukuthi bafake izicelo okungenani ezikoleni ezintathu futhi balandelele lezo zikole ezinyangeni ezintathu ngemuva kokufaka izicelo ukuze bahlole isimo sezicelo zabo.

