
Kushone ingane eyodwa ngenxa yamanxeba amabi ewathole engozini kulandela ingozi yetekisi ku-Idolofiya Road eMount Moriah phakathi kwasePhoenix naKwaMashu, ngoLwesithathu ntambama.
Imibiko iveza ukuthi kugingqike itekisi elithutha izingane zenkulisa yasendaweni, kwalimala kanzima inqwaba yezingane.
OLUNYE UDABA: Sezingu-13 izingane zesikole ezishone engozini yemoto eVaal, eGauteng
Ngesikhathi abosizo lokuqala bakwa-KZN VIP Emergency Medical Services, iningi lezingane ezithole ukulimala beseziphuthunyiswa esibhedlela esiseduze ngezimoto ezincane.
Abe-KZN VIP medics babe sebengenelela baxilonga lezi zingane khona endaweni yesigameko ngaphambi kokuziphuthumisa esibhedlela ukuyothola ukwelashwa okuphuthumayo.
Okwamanje imbangela eholele kule ngozi ayikaqinisekiswa.
KZNVIP
