
I-KwaZulu-Natal, okuyindayo okubheduke kuyo kakhulu isifo samatele ezweni, izoqala namuhla ukugoma izinkomo ukuze zilwe nalesi sifo.
Isifundazwe sithole imithamo engu-200 000 yemijovo we-Biogenesis owathengwa uhulumeni kazwelonke e-Argentina.
OLUNYE UDABA: Kuthikameza umnotho ukubheduka kwesifo samatele eKZN
UNgqongqoshe wezoLimo uThembeni kaMadlopha-Mthethwa uthi amaqembu ochwepheshe abangu-20 azoqala ukugoma zonke izinkomo esiFundeni sase-Ugu.
Bazobe sebedlulela esiFundeni saseHarry Gwala.
UKaMadlopha-Mthethwa uthi isifundazwe kwadingeka sibuyekeze isu laso lokugoma ngoba umuthi wokugoma we-Biogenesis usebenza kahle ngokumelene nezinhlobo ze-SAT 1 kanye ne-2 hhayi i-SAT 3, evame kakhulu esifundazweni,
