
Ube yimpumelelo umcimbi wabasebenzi bezempilo bomphakathi phecelezi Community Health Worker bethola izincwadi zabo zokuqashwa ngokuphelele ngemuva kweminyaka eminingi besebenza ngaphansi kwezinkontileka, ePrincess Magogo Stadium namuhla.
Kulo mcimbi bekuhlangene izinhlaka ezahlukene ezithintekayo kulo mkhakha ukuzobungaza oNompilo abavela kwiziFunda ezilishumi zaKwaZulu-Natal njengoba bebamukelwa ekuqashweni ngokugcwele kulo mkhakha.
Kuqashwe ngokugcwele oNompilo abangaphezu kuka-5000 eKZN.
UNgqongqoshe uNomagugu Simelane ukhiphe iziyalo ezibhekise kubo bonke onompilo nalabo abangakaqashwa ngokugcwele waphinde wadlulisa ukubonga okukhulu kubo ngokusebenza ngokuzikhandla nangokuhlonipha umsebenzi wabo.
“Okwamanje kusaqashwe ngokugcwele abantu abanomatikuletsheni kuphela, zisaqhubeka izingxoxo phakathi kwezinyunyana nohulumeni mayelana nabangenawo umatikuletsheni kuzokwenziwa njani ngabo.
OLUNYE UDABA: ISAMA izobamba umhlangano noNdunankulu mayelana nokuhlaselwa kodokotela eKZN
“Sizimisele ngokuthi leso sinqumo sithathwe ngoba akuzukuba kuhle ukuthi siphathwe ngezindlela ezahlukene ekubeni singonompilo sonke futhi sisebenza umsebenzi ofanayo. Uma leso sinqumo sesithathiwe futhi ngiyathemba ukuthi siyofika nemiphumela emihle, siyobe sesikwazi ukuthi unompilo balingane, bafane bonke.
“Okwamanje onompilo abangenawo umatikuletsheni banikezwe imali engu-R1000 ngaphezulu eholweni labo kanti ongakayitholi uyaziswa ukuba isendleleni.”
Njengoba onompilo sebeqashwe ngokugcwele bazophinde bachzelwe kabusha ngomsebenzi wabo, indlela yokuiphatha, amahora nezinsuku zokusebenza, nokunye okuningi okuphathelene nomsebenzi.
