
UMnyango wezokuThutha waKwaZulu-Natal uxwayise abashayeli abangakashintsheli ohlelweni olusha lwama-number plate ukuthi bazobhekana nenkinga.
Ngokusho komnyango, izimoto ezingaphezu kwezingu-15,000 zisasebenzisa ama-number plate amadala.
Umqamlajuqu wokushintsha ama-number plate wawungomhlaka-30 November 2025.
OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abashayeli base-KZN ngomnqamlajuqu wokushintsha ama-number plate
Okhulumela i-KZN Transport uNdabezinhle Sibiya, uthi, labo abahluleka ukushintsha kumele balindele ukumiswa nokuhlawuliswa yiziphathimandla zomgwaqongokuphula uMthetho Kazwelonke wezokuThutha.
Uhulumeni wesifundazwe wathatha isinqumo sokushintshela ohlelweni olusha ngonyaka ka-2023 ngemuva kokutholakala ukuthi ama-number plate angaphambilini anezinhlamvu ezintathu, njenge-NRB, i-NPN, kanye ne-NPS, ayesephelile
