Ivelile enkantolo indoda esolwa ngokubulala nokugqiba intombi yayo kwelingashoni

Indoda esolwa ngokubulala intombi yayo ivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseChatsworth enyakatho yeTheku namuhla.

Amalungu omndeni kanye nalabo ababasekayo babhikishe ngaphandle kwenkantolo befunela uNtombenhle Nkomo, 30, ubulungiswa.

Okhulumela amaphoyisa ophiko lwe-SAPS eKZN, uNtathu Ndlovu, uthi amalungu omphakathi athole isidumbu sikaNkomo sigqitshwe ethuneni elingashoni eWelbedacht, ngoSuku olandulela olukaKhisimusi, babe sebebikela abomthetho.

OLUNYE UDABA: Uyavela enkantolo osolwa ngokushisa intombi yakhe yaze yashona e-KZN

“Isidumbu sikaNkomo ebesesiqala ukonakala besinamanxeba abonakalayo okuhlukunyezwa kanti isidumbu sakhe sihlonzwe ngokwempumelelo.”

Akucaci kahle ukuthi umufi wabulawa nini kodwa umndeni wabika ngokunyamalala kwakhe ngomhlaka-19 Decembner, kulandela izinsuku eziyishumi agcina ukubonakala.

Kubikwa ukuthi uNkomo ushiye indodakazi yakhe eneminyaka eyishumi ubudala.

Newswatch