Uhlu lwamabhishi aphephile nongabhukuda kuwo eThekwini

UMasipala waseThekwini uthi uzilungele ngokugcwele izivakashi ezingu-1.3 million ezizofika ogwini lwethu ngamaholide okuphela konyaka.

Umasipala uqinisekise izakhamuzi kanye nabantu abavakashela amaholide ukuthi ukuhlolwa kwesimo samanzi kuyaqhubeka kuwo wonke amabhishi.

Umasipala uthi wonke amabhishi angu-23 aphephile ukubhukuda.

Izikhulu zikhiphe isitatimende mayelana nokubhukuda, ikakhulukazi njengoba izwe lilungiselela isikhathi samaholide amatasa.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke izivakashi ezingaphezi kuka-1.3 million kula maholidi eThekwini

Ngokusho kukamasipala, wonke ama-swimming pool aseGolden Mile akhucululiwe aphinde agcwaliswe ngamanzi ahlanzekile.

Nakuba kunjalo, iTheku lixwayise abantu abavakashela emabhishi ukuba ukubhukuda ngaphansi kwengcindezi yophuzo oludakayo akuvunyelwe.

Ukugxuma echwebeni ogwini nakho akuvunyelwe.

Umasipala uthi imiyalelo evela emaphoyiseni, abaqapha ababhukudi  nabaphathi bama-swimming pool kufanele balelwe ngaso sonke isikhathi.

ISITHOMBE: