
UMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal uthi cishe zingu-100 izakhamuzi zaseNew Hanover ezisale dengwane ngenxa yezikhukhula.
Isiphepho esinamandla sihlasele kule ndawo ngeSonto.
Amathimba abhekelele izinhlekelele abesematasa ngoMsombuluko kuMasipala weNdawo yaseMshwathi, lapho izimvula ezinkulu zabhidliza khona imizi kwacwila nemizila ebalulekile.
Amathimba ezimo eziphuthumayo athole isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-40 ubudala, owayengomunye wabantu abathathu abakhukhulwe yimvula enkulu.
Owomnyango uNdabezinhle Sibiya, uthe bachithe usuku besebenzisana neMeya uMandla Zondi kanye neKhansela lika-ward 2, uSikhumbuzo Nxumalo, ukusheshisa imizamo yokusiza.
Uthe izakhamuzi eziqinisekisiwe eziphelelwe yindawo yokuhlala zibekwe phambili ezindaweni zokuhlala kanye nezokuhlala zesikhashana.
OLUNYE UDABA: [WATCH] Izwi Lomzansi FM lihambele eMthatha ukuyonikelela abakhahlanyezwa yizikhukhula
USibiya ukuphawulile ukuthi kunezakhamuzi zakwamanye amazwe ezingenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli ezaziphakathi kwalabo abathintekile, zabe sezibaleka uma izikhulu zizama ukuziqinisekisa.
“Sikhathazekile ngabantu abanjalo abakha osebeni lomfula futhi abanqabayo ukubambisana nezikhulu. UNgqongqoshe ubonge uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, uThembisile Simelane, othumele ithimba lakhe lezikhulu ezisebenza ngokuzikhandla.
“UNgqongqoshe uSimelane ukuqinisekisile ukuthi uzovakashela iKwaZulu-Natal ngesonto elizayo ukuze andise umsebenzi wethu. Njengamanje, siyabenzisana ukuqinisekisa ukuthi sithola indawo lapho sizokwakha khona izindawo zokuhlala zesikhashana ezisulu.”
Uthe umsebenzi wokuthungatha abakhukhulwe yizikhukhula uyaqhubeka namuhla.
USibiya ubonge abanikeli abazimele abebehlinzeka izisulu ngokudla, izingubo, nezinye izinto ezibalulekile.
