
Inxusa laseNingizimu Afrika eFrance, uNkosinathi Emmanuel “Nathi” Mthethwa, utholakale eshonile eParis, ngemuva kosuku kubikwe ukuthi ulahlekile.
Ngokwemibiko yabezindaba eFrance, iThe Mirror, isidumbu sikaMthethwa oneminyaka engu-58 ubudala sitholwe ngaphandle kwaseHyatt Regency Paris Étoile esifundeni sasePorte Maillot.
Kusolakala ukuthi wawa esuka esitezi sesi-22 ehhotela, nakuba iziphathimandla zendawo zingakaziqinisekisi izimo ezithinta ukushona kwakhe.
OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni owayeyiSekela likaMengameli
Ukulahleka kukaMthethwa kubikwe ngumkakhe, “oveze ukuthi uthole umyalezo omkhathazayo emoyeni ovela kuye ebusuku,” kusho ihhovisi lomshushisi waseParis.
UMthethwa, ongumakadebona kwezombusazwe futhi owake waba ngungqongqoshe weKhabhinethi, waqokwa njengenxusa ngo-2024.
