
Amaphoyisa athi osolwa ngokubulala, wabanjwa nezimpahla zokugqoka zamaphoyisa KwaZulu-Natal, angase abhekane namacala amasha.
USimphiwe Mhlongo ulahlekelwe isicelo sakhe sebheyili ngoMsombuluko.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa ilungu lePhalamende le-IFP eGauteng
Umsolwa oneminyaka engu-38 ubudala uyamaniswa necala lokubulala umnikazi wetekisi endaweni yasoSizweni, kanye nokugetshengwa kwebhizinisi e-Utrecht ngoMay.
Amaphoyisa abambe uMhlongo ku-N11 ngasekuqaleni kukaSeptember ngemuva kokuba iphoyisa ebelingekho emsebenzini limbone eshayela imoto eyayebiwe eJeppestown eGoli.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uPaul Magwaza, uthe ngesikhathi eboshwa wayesolwa ngokubandakanyeka ekuntshontshweni kwemfuyo eMpumalanga.
UMagwaza uthi ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto, athola isikhwama sesibhamu singenalutho.
“Ukutholakala kwesikhwama sokudubula kuholele ithimba emzini womsolwa lapho amaphoyisa athola khona, isibhamu, izingcezu zeyunifomu yamaphoyisa, isigxivizo samaphoyisa, okhiye bezimoto ezahlukene kanye ne-logbook yemoto. Uphenyo lokuqala luveze ukuthi isibhamu esitholakele kubikwe ukuthi sebiwe Osizweni.”
Uphenyo lusaqhubeka.
