
Iziphathimandla zikuqinisekisile ukuthi sesinyuke safinyelela kwabahlanu isibalo sabashone engozini yetekisi eyenzeke eMgungundlovu ngoLwesine ekuseni.
Kukholakala ukuthi umshayeli wtekisi uhlulekile ukuyilawula, yaphuma emgwaqeni yayoshayisa inkulisa endaweni yaseMbali.
Izingane ezintathu ebezigibele emotweni kuthiwa zishonele endaweni yesigameko, kwathi ezingu-11 zaphuthunyiswa esibhedlela.
OLUNYE UDABA: Kulimale izingane ezingu-11 engozini eClairwood
USindi Msimang, okhulumela iRoad Traffic Inspectorate eKZN, uthi ezinye izingane ezimbili zishone zisendleleni eya esibhedlela.
UMsimang uthi umshayeli uthathiwe ukuze ayophoswa imibizo.
“Imoto ibingashayelwa muntu. Umshayeli ukhethe ukuphuma imoto ihamba, washiya izingane zodwa ngaphakathi ngesikhathi imoto ihamba yaphuma emgwaqeni yayoshayisa udonga lwenkulisa.”
UMsimanga wengeze ngokuthi izingane zasenkulisa, bezingaphandle zidlala ngesikhathi sengozi.
