
Kubulawe indoda esolwa ngokuduna ngemuva kwezinsolo zokudubula amaphoyisa eCottonlands namuhla.
Le ndoda ibiyingxenye yeqembu lezigelekeqe eliyamaniswa nokwebiwa kwemoto yohlobo lweToyota Quantum eyabanjwa kuVincent Dickinson Road.
Kuthunjwe izisulu ezimbili kanye nemoto ezikhululwe ngamaphoyisa.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa osolwa ngokubulala iphoyisa eduze naseHillcrest
Kuboshwe amadoda amathathu, kwashaqwa izibhamu ezimbili nezinhlamvu.
La madoda aphinde atholakala nama-signal jammer.
Umsolwa oshonile yena ubebalekile ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa nonogada, kodwa watholakala ngokuhamba kwesikhathi ezama ukugitsheliswa ukuya eClermont.
Bathathu abasolwa abashonile ezigamekweni ezahlukene zokushayisana namaphoyisa aKwaZulu-Natal emahoreni ambalwa edlule.
eNCA
