
Sekuvele eminye imininingwane ngesigameko esenzeke namuhla ekuseni endaweni yaseChatsworth, eningizimu yeTheku.
Kubikwa ukuthi abasolwa namaphoyisa badubulane emjondolo yasePump House eChatsworth lapho kushone khona abasolwa abahlanu ezintatha zanamuhlka.
Amaphoyisa asebenze ngezobunhloli mayelana nokuthi bakuphi abasolwa abebefunelwa amacala okubulala, ukugqekeza imizi, ukuqola nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
OLUNYE UDABA: Basale enkundleni itholene phezulu ngenganono namaphoyisa eChatsworth
Kusolakala ukuthi la macala bawenza ezindaweni zaselokishini iMpumalanga, eMariannhill, KwaNdengezi naseMsunduzi.
Uphiko lwezobunhloli luholele amaphoyisa lapho bekucashe khona abasolwa eChatsworth okuthe uma amaphoyisa ememezela ukuthi afikile abasolwa bavulela ngemvula yezinhlamvu bebhekise emaphoyiseni kwabe sekuqala ukudubulana.
Ngesikhathi sokudubulana kwadutshulwa abasolwa abahlanu bashona. Alikho iphoyisa elitjoleukulimala ngesikhathi sesigameko.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, kutholakale izibhamu ezintathu, esinye sazo bazakhele sona ekhaya, kubasolwa.
