Kuthungathwa iziboshwa eziyisikhombisa ezeqe evenini yamaphoyisa eMnambithi

Zisagcwele amathafa iziboshwa eziyisikhombisa ezisalinde ukuba kuqulwe amacala azo ezeqe evenini yamaphoyisa eMnambithi ngoLwesibili ntambama.

Iziboshwa eziyisithupha kulezi ezeqile zivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseDundee ngamacala okugebenga kuhlonyiwe ngo-April, kanti owesikhombisa yena ubebhekene necala lokudlwengula.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, ukuqinisekisile ukuthi iziboshwa ezingu-12 ebezilinde ukuqulwe amacala azo bezibuyiselwa emuva eMnambithi ngesikhathi lezi ziboshwa zivula umnyango weveni lamaphoyisa.

Kubaleke iziboshwa ezingu-7 kwathi ezinhlanu amaphoyisa akwazi ukuzigcina esitokisi.

OLUNYE UDABA: Kuphuthunyiswe esibhedlela iziboshwa ‘uwolawola’ ungena engozini eRichmond

“Noma ngubani ongase abe nolwazi mayelana nabasolwa uyanxuswa kukuba axhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze naye okwanye ashayele kwa-Crime Stop ku-08600 10111,” kusho uMagwaza.

Ukweqa kwalezi ziboshwa kushiye izakhamuzi zaseMnambithi nezindawo ezakhelene nazo zikhathazekile njengoba iziboshwa eqezeqile zithathwa njengeziyingozi.

Ezinkundleni zokuxhumana, izakhamuzi zigxeke amaphoyisa ngokweqa kwalezi ziboshwa.

U-Ivan Welcome uthe,” Iziboshwa zeqa kanjani evenini lamaphoyisa? Enzani kanti amaphoyisa?”

U-Asad Khan uthe,” into enje ayikwazi ukwenzeka ngaphandle uma besizwe yiwo amaphoyisa.”

UDelmarie Kriel-Nel uthe,” Kungani kulula kanje ukweqa? Kukwenza ucabange kaningi…”, Knati uKhaya Ndlovu II ubuze ukuthi kungane bebengafakiwe ozankosi.”

Abanye babuze ukuthi kungani leli veni lingazange likhashwe ngelinye.

Ngokomthetho weCorrectional Services Act 111 ka-1998, iziboshwa kufanele zithuthwe ngendlela ephakamisa isithunzi sazo. Lokhu kusho ukuthi izivimbelo ezifana nozankosi namaketango emilenzeni kufanele zisetshenziswe kuphela uma kunesidingo ukuze kuvikelwe futhi kuvikeleke, kukhawulelwe ukusetshenziswa kwalezo zisetshenziswa uma iziboshwa zithuthwa.

The Witness