Ingene engozini imoto ‘kamalume’ ebigcwele ngokweqile eSavanna Park

Kulimale izingane zesikole ezingu-19 ngemuva kokuba itekisi ebeziligibele lishayise udonga ngaseChatsworth.

Izingane zesikole ezineminyaka ephakathi kwengu-4 ubudala nengu-12 ubudala bezihanjiswa emakhaya zibuya esikoleni ngesikhathi imoto ihluleka ukulawuleka kuPebble Drive eSavannah Park ngoLwesibili ntambama.

Abosizo lokuqala be-ALS bathi bafice isiphithiphithi endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Kuvulwe awokubulala ngokungenhloso kulandela ingozi eyenzeke ku-N2

Okhulumela abe-ALS uGarrith Jamieson uthi izingane zithole ukulimala okwahlukahlukene.

Uthi kwenziwe indawo lapho kubekwa khona abalimele  namalungu omphakathi efaka isandla ngokubikela abazali bezingane.

“Kuthe sezilashwe zonke izingane ezilimele endaweni yesigameko zibe sezihanjiswa ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ukuze ziyothola okunye ukwelashwa.

“Okwamanje imbangela yengozi akwaziwa kodwa amaphoyisa ophiko lwe-SAPS abekhona kanti azophenya kabanzi.”

Newswatch