
19 Agasti 2025
Lungani Mnguni
UMphathiswa Omusha waKwaZulu-Natal, uMnu. Thami Ntuli, usecele ngokusemthethweni ukusebenzisana kwabazimele (private sector) ekulweni nobugebengu emphakathini, ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yezingxoxo nababambiqhaza ehlelwe wuMnyango Wezokuphepha Komphakathi kanye Nezokuxhumana (Department of Community Safety and Liaison), ebibanjelwe eLangeni Hotel, eSouth Beach, eThekwini namhlanje.
Lo mhlangano uhlanganise izikhulu ezahlukene, okuhlanganisa neKhomishana yamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, owethule kafushane izibalo zobugebengu zesifundazwe kuleliya khalavathi (quarter). Lezi zibalo ziveze ukukhuphuka kobugebengu ezindaweni ezithile, nakuba kunezindawo ezibonisa ukwehla kancane kwezinga lobugebengu ngenxa yemizamo eqhubekayo.












Ekhuluma kulo mcimbi, uMphathiswa uNtuli uthe:
“Ukulwa nobugebengu akuwona umsebenzi kahulumeni yedwa. Siyabadinga bonke ababambiqhaza ikakhulukazi abavela embonini ezimele ukuthi baphatheke ngokugcwele ekuqiniseni ukuphepha kwendawo esiphila kuyo. Lokhu kuzothuthukisa impilo yabantu, kanye nokukhuthaza abatshalizimali ukuthi bahlale bezizwa bephephile.”
Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokusebenza ngokubambisana phakathi kukahulumeni, amaphoyisa, umphakathi kanye nezinkampani ezizimele ukuze kwakhiwe imiphakathi enokuthula, engenabugengu.
OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uRodgers ubuyisele isithunzi kowaseNdwedwe
IKhomishana uMkhwanazi ugcizelele ukuthi amaphoyisa awasebenzi wodwa futhi ayakwazisa kakhulu noma yimuphi umnikelo ongathuthukisa imizamo yabo yokulwa nobugebengu.
“Isandla sihlamba esinye. Uma sibambisana, singakwazi ukwehlisa amazinga obugebengu ngempumelelo,” kusho yena.
Umgomo walo mhlangano kube ukukhuthaza ukubambisana phakathi komphakathi nezinkampani ezizimele, ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi yase-KZN iphephile futhi iyathuthuka.
