Inkantolo iyalele iRoyal AM kaMaMkhize ukuthi ikhokhele uMasipala waseMsunduzi u-R27 million

INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu iyalele ikilabhu yebhola likaMaMkhize, iRoyal AM, ukuba libuyisele emuva imali engu-R27 million yesivumelwano soxhaso phakathi kwayo noMasipala uMsunduzi.

IRoyal AM kanye noMasipala waseMsunduzi bangena esivumelwaneni soxhasa seminyaka emithathu ngo-2023, kanti le  kilabhu yebhola ibithola u-R9 million njalo ngonyaka kusukela kwaqala lesi sivumelwano.

IJaji uNontuthuzelo Mlaba uthe isivumelwano besingekho emthethweni.

Isivumelwano soxhaso sifakwe enkantolo yi-DA KwaZulu-Natal, njengoba ibifuna ukuthi kubuyekezwe inkontileka, igcine ibekwe eceleni.

OLUNYE UDABA: Abalandeli beRoyal AM abamnandi ngokuxoshwa kwayo ku-PSL

Isinqumo sifundeka kanje, “zonke izinkokhelo ezenziwe ngummangalelwa wokuqala (uMasipala waseMsunduzi) ngaphansi kwenkontileka yoxhaso kummangalelwa wesine (Royal AM) kufanele zibuyiselwe ngokushesha kummangalelwa wokuqala nenzalo kusukela ngosuku lwesinqumo – 08 Agasti 2025.”

Umkhandlu kaMasipala uMsunduzi wasinqamula isivumelwano ngoJune walo nyaka ngoba iRoyal AM ibingaseyona ingxenye yemidlalweni yePremier Soccer League (PSL).

IRoyal AM ixoshwe kuPSL ngemuva kokuthi uMkhize engene enkingeni neSouth African Revenue Service (Sars). Ikilabhu ifakwe ngaphansi kwaSars ngesikhathi izama ukubuyisela u-R40 million uMkhize ayeyikweleta.

The Citizen

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)