
Abafundi bakamatikuletsheni e-Eastern Cape bazoba ngabokuqala ukubhala izivivinyo ezandulela ezokuphela konyaka njengoba bezoqala ngomhlaka-25 August kanti isifundazwe sokugcina ukuqala lezi zivivinyo ngesaKwaZulu-Natal esizoqala ngomhlaka-8 September.
UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo (DBE) uqinisekise ukuthi izifundazwe eziningi zizoqala izivivinyo zazo zika-Grade 12 ngasekupheleni kwale nyanga.
OLUNYE UDABA: Owezemfundo eKZN unxusa abafundi ukuba bawasebenzise ngendlela efanele amaholidi ezikole
Lezi zivivinyo zivame ukubizwa ngokuthi “ngama-Trial”, ziphathwa iminyango yezemfundo yezifundazwe futhi zisebenza njengezivivinyo ezibucayi ezandulela ezokugcina zeNational Senior Certificate (NSC) ekupheleni konyaka.
Izivivinyo zizophothulwa ngasekupheleni kukaSeptember kuya ekuqaleni kuka-Octoer kuzo zonke izifundazwe.
Umnyango ukhuthaze abafundi ukuthi bazithathele phezulu lezi zivivinyo njengoba imiphumela yazo isiza ukuhlonza igebe lokufunda nokulungela izivivinyo zokugcina ze-NSC.
- Eastern Cape: 25 August – 23 September
- North West: 27 August – 25 September
- Gauteng: 29 August – 26 September
- Northern Cape: 29 August – 30 September
- Limpopo: 2 September – 26 September
- Mpumalanga: 2 September – 30 September
- Free State: 2 September – 2 October
- Western Cape: 5 September – 26 September
- KwaZulu-Natal: 8 September – 2 October
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
