Ithi yenelisekile i-ANC ngokusingathwa kwezinsolo zikaMkhwanazi

UNobhala-jikelele we-African National Congress (ANC), uFikile Mbalula, uthe okwamanje bajabule ngokusingathwa kwezinsolo zikaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkwanazi.

UMbalula ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi bekunomhlangano we-NEC ANC e-Ormonde izolo, eNingizimu neGoli.

OLUNYE UDABA: Kuqhubeka imashi yokweseka uMkhwanazi eThekwini namuhla

Ngenyanga ephelile kwisithangamini sabezindaba, uMkwanazi wasola ezinye izikhulu eziphezulu zakwa-SAPS okuhlanganisa nosopolitiki, abashushisi namalungu ezinkantolo, ngokuthi zisebenzisana nezigelekeqe. Lokhu sekwenze uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba abeke uSenzo Mchunu elivini eliyisipesheli wabe esebeka uFiroz Cachalia njengoNgqongqoshe wamaPhoyisa osabambile.

“Sezicutshunguliwe izinsolo zikaLieutenant-General Mkwanazi kanti ekuhlaziyeni kwezombusazwe kanjalo nasezingxoxweni ezenziwayo osukwini, amaqabane angaphefumula ngokuthi yini okumele yenzeke. Nakhu esikugunyazile futhi osekwenzekayo njemanje, sinoNgqongqoshe omusha wamaPhoyisa, uCachalia. Okwesibili, sigunyaze ukuthi kube nekhomishini yophenyo ezoba nemibono emisha ezoba khona. Uma amaqabane efuna ukuqhamuka nemibono emisha ne-NEC akhululekile ukwenza lokho. Yize kunjalo, i-NWC isivele yavumelana nezinyathelo ezithathwe uhulumeni ukuphendula uJenene Mkhwanazi,” kusho uMbalula.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)