
Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala ngamacala amathathu okubulala, ukuzama ukubulala nelokugebenga kuhlonyiwe izolo, eNhlabankosi eMthwalume.
Ngomhlaka-27 June 2024, uSandile Mkhize oneminyaka engu-45 ubudala, uXoliswa Mbhele oneminyaka engu-33 noNdunduzo Duma oneminyaka engu-34 ubudala bahlaselwa abasolwa abangaziwa behamba ngomgwaqo u-R102 eMthwalume.
UMkhize wayephuma enkantolo ngesikhathi edutshulwa eshona kanye nabanye abantu ababili ababehamba naye. Kwaphuthunyiswa umuntu oyedwa owayesesitobhini sebhasi owathola amachaphazelo, wadubuleka.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abantu abane ngokubulawa kuka-DJ Sumbody
Abaseshi baseHibberdene basebenze ubusuku nemini bephenya ngalolu daba nokuqinisekisa ukuthi abasolwa bayaboshwa.
Ukusebenza kanzima kwabo kwaba yimpumelelo ngesikhathi bethola imininingwane mayelana nokuthi umsolwa ukuphi.
Abaseshi beProvincial Murder and Robbery Task Team, Ugu Tactical Response Team, eThekwini Infrastructure Task Team, Provincial Task Team PES, Metro Trio Task Team kanye neTracing Team badlulele eNhlabankosi lapho kwaboshwa khona umsolwa.
Umsolwa uphinde wayamaniswa namanye amacala okweba imfuyo, ukwebiwa kwemoto kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe ngoLwesihlanu, lwangomhlaka-1 August
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
