
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal usukhiphe imiphumela yophenyo lokuqala ngengozi eyenzeke ngeSonto ebusuku ogwini olusenyakatho.
Kudlule emhlabeni amalungu omndeni amahlanu okubalwla kuwo, umama, ubaba nezingane zabo ngesikhathi kushayisana iveni nemoto eGingindlovu.
Kule ngozi kulimale kabi abanye abantu abayisikhombisa, okubalwa nezingane ezine.
OLUNYE UDABA: Kushone abantu ababili kwalimala inqwaba ezingozini ezahlukene eKZN
Okhulumela lo mnyango, uNdabezinhle Sibiya, uthe bathole umbiko wokuqala wengozi eyenzeke ku-R66 ngeSonto ebusuku.
“Ngokusho kwabeRTI emotweni yohlobo lweHyundai Grand i10 ibigitshelwe abantu abayisishiyagalombili kanti bonke bebelibangise eThekwini besuka kwaNongoma. Kule moto kusinde abantu abathathu.
“Emotweni yesibili, yohlobo lweFord Ranger LDV emhlophe, bekunabagibeli abane, bona bebelobangise eGingindlovu. Bonke basindile kule ngozi.
“Imibiko yokuqala iveza ukuthi imoto yohlobo lweFord Ranger LDV ihlulekile ukuyilawuleka yashayisana ngqo neHyundai Grand i10.”
Izisulu bezihamba ngemoto encane.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
