Iyaqhubeka nokusebenza imeya exoshiwe kwaDukuza

Umeya waKwaDukuza uCllr Muzi ‘Ali’ Ngidii ulokhu eqhubeke njalo nokusebenza kumkhandlu waKwadukuza nakuba eseyalelwe ukuthi afake incwadi yokwesula.

Ubuholi obuphezulu be–ANC KwaZulu-Natal buyalele uNgidi ukuthi akasule esikhundleni kodwa kuze kube yimanje akakayilethi incwadi yokwesula esikhundleni sakhe.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: IMeya yeTheku izibophezele ekusheshiseni ngokulungisa izindawo okulothiswa kuzo

UNgidi usolwa ngokukhwabanisa izimali zomkhandlu nesekela lakhe.

Osukwini lwanamuhla uNgidi ubehambele umcimbi wokuhlonipha ingqalabutho yeANC, uChief Albert Luthuli nalapho bekune Luthuli Fun Run ebisuka eLuthuli Museum yaphelela enkundleni yezemidlalo eShakaville.

Kulo mcimbi uNgidi wethule inkulumo nalapho egqugquzele khona ubunye kubantu nokubakhuthaza ukuthi bezibandakanye kwezemidlalo ikakhulukazi ukuzivocavoca kwabantu.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)