IZITHOMBE: Kushayelwe ihlombe umphakathi ngokubika ngomshayeli obanjwe eba udizili eThekwini

Sekuphinde kwaboshwa omunye umshayeli osebenzela uMasipala weTheku ngezinsolo zokweba udizili.

Uphiko lwe-Integrity and Investigations Directorate kuleli dolobha luthi kuboshwe umshayeli weloli ongaphansi kophiko lwe-Water Services Directorate ngezinsolo zokweba udizili.

Kuthiwa ubanjwe emoma uphethiloli emzini wakhe oseHammersdale, entshonalanga yeTheku.

Kuthiwa ngesesine lesi sigameko esibikwayo esifanayo ezinyangeni ezimbalwa ezendlule.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kubongwe umphakathi ngababoshelwe ukweba udizili eMbumbulu

UJimmy Ngcobo, onguMqondisi weCity Integrity and Investigations Directorate, ukuqinisekisile ukuthi lo msebenzi uzivumele ngokwakhe ukwenza lesi senzo esingekho emthethweni isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu.

Umsolwa ubanjwe ngamaphoyisa ophiko lwe-SAPS eMpumalanga ephethe amakhontena angu-21 kanti ngalinye ligcwele amalitha angu-25 kadizili.

Umasipala uthi ulahlekelwe yimali engaphezu kuka-R900 000 ezinyangeni ezintathu ezedlule ngenxa yokwebiwa kukadizili.

Kunxuswa ukuba umphakathi ubike ngokukhwabanisa nenkohlakalo ngokushayela ku-0800 20 20 20 noma uthumele i-email ku-ombuds@durban.gov.za.

IZITHOMBE:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter