
Inyunyana yamaphoyisa iSouth African Policing Union ikushayele ihlombe ukusungulwa kwekhomishini ezophenya ngezobulungiswa, ikubize ngesinyathelo esibheke endleleni efanele.
UMengameli uCyril Ramaphosa ulisungulele ukuba liphenye ngezinsolo zokusebenzisana nokugxambukela embuthweni wamaphoyisa.
Lokhu kuza ngemuva kokuba uKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uNhlanhla Mkhwanazi, ethi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ube nesandla emizamweni yokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
OLUNYE UDABA: Kuqhubeka imashi yokweseka uMkhwanazi eThekwini namuhla
UMchunu, onikwe ikhefu eyisipesheli njengoba kusalindwe imiphumela yophenyo, uzichithile lezi zinsolo.
“Sibheke ngabomvu ukuthi ikhomishini yenze umsebenzi wayo kulokhu,” kusho uLesiba Thobakgale wenyunyana.
“Siyethemba ukuthi luzosiza ekuvumbululeni zonke izinsolo nakho konke okuthinta umsebenzi wamaphoyisa kanye nalokho osekushiwo ezinsolweni ezenziwe nguKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natal.”
Khonamanjalo, kuqale imashi eThekwini namuhla ekuseni yokweseka uMkhwanazi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
