Kulindeleke umbhikisho wokweseka uKhomishana wamaphoyisa waseKZN eThekwini

Baya ngokwanda abantu abafuna uMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa athathele ungqongqoshe wamaphoyisa izinyathelo ezingqala.

Ithimba elikhathazekile lizokwehla emnyango wekomkhulu lamaphoyisa eKZN ngoLwesine.

Bazobe bebhikishela ubumbano nokweseka isikhulu samaphoyisa esifundazweni, uNhlanhla Mkhwanazi, kulandela isithangami abenaso nabezindaba.

Uveze ukuthi uNgqongqoshe uSenzo Mchunu ubenezisusa ezingezinhle ngesikhathi ehlakaza ithimba leKZN Political Killings Task Team.

UMkhwanazi uthi lolu phiko luvundulule ithimba lezigebengu elinamandla elilawula amaphoyisa nezinkantolo.

OLUNYE UDABA: Uthule du uMasemola ngezinsolo zamadokodo avalelwe ehhovisi likaSibiya

I-ActionSA ithi amalungu ayo azoba yingxenye yalabo abazobhikisha namuhla eThekwini.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthembise ukuthi uzophumela obala ngalezi zinsolo uma ebuya eBrazil namuhla.

Umhlaziyi wezepolitiki, uZakhele Ndlovu, ukholelwa ukuthi uRamaphosa kungenzeka amise uMchunu, wathi i-ANC izofuna ukubonakala njengenhlangano ethatha izinyathelo ezinqala njengoba inyuka ingcindezi nentukuthelo yomphakathi.

“Abantu abaningi bayazwelana noMkhwanazi njebonakala enesibindi futhi enesibindi. I-ANC ayifuni ukubonakala njengenhlangano evuna inkohlakalo. Ngaphakathi ku-ANC asikho isikhundla esiphezulu azosithatha.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)