Owesifazane wakuleli ugixabezwe ngezigidi kulandela ukulinyazwa yinhlamvu yenjoloba esweni

Uzonxeshezelwa ngo-R2.2 million owesifazane owashaywa ngenhlamvu yenjoloba esweni langakwesokudla kwadingeka ukuthi ahlinzwe.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika oPhikweni lwaseNorth West, eMahikeng, ivume isimangalo somonakaslo sowesifazane owayefuna izindleko zika-R3.5m ekuqaleni.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu ‘kudutshulwana namaphoyisa’ eMthatha

Owesifazane washaywa yinhlamvu yenjoloba esweni lakhe langakwesokudla ngomhlaka-11 July 2019, enza imisebenzi yasendlini egcekeni lakubo, ngesikhathi kuqubuka uthuthuva eduze nakubo lapho okwafika khona amaphoyisa.

Owesifazane, owayeneminyaka engu-19 ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko futhi ezuza kakhulu ebhizinisini lakhe lokudayisa i-atchar yokuzenzela engena umuzi nomuzi ezidayisela ethola cishe imali engu-R3,600 ngenyanga. Iso lakhe lavele langabe lisasebenza, wahlinzwa, lakhishwa afaka elokufakelwa.

IOL

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)