Umbiko: Kuzoba nokuvalwa kwamanzi okuhleliwe eThekwini

Izakhamizi zaseNingizimu yeTheku nezasenkabeni yeTheku kufanele zilungiselele ukuvalwa kwamanzi okuhleliwe okuzokwenzeka ngesonto elizayo.

Ukuphazamiseka kuzothinta amadamu amaningana axhunywe kuMngeni-uThukela Wiggins Water Treatment Works gravity system.

Ukuvalwa kuhlelelwe kusukela ngoLwesibili lwangomhlaka-8 July ekuseni, kuze kube uLwesithathu, lwangomhlaka-9 July.

UMasipala weTheku uthi uzovumela uMngeni-uThukela Water ukuba ashintshe ama-valve amakhulu aphinde ahlole amamitha epayipini.

OLUNYE UDABA: I-IFP igxeka abaphathi beTheku ngodaba lwamanzi ePhoenix

Inkampani ehlinzeka ngamanzi ngobuningi ifuna nokulungisa indawo evuzayo ngoba ithi kunciphisa ukugeleza kwamanzi endaweni yokuhlanza kusukela ngo-April.

Ngesikhathi sokuvalwa kwamanzi, kuchaze ukuthi awekho amanzi azogelezela kuma-reservoir.

Idolobha lithi lizozama ukugcwalisa amadamu kusenesikhathi, kodwa ligcizelela ukuthi ukuhlinzekwa kwamanzi kuzoncika ekusetshenzisweni kwawo.

Izakhamizi zinxuswa ukuba zehlise ukusetshenziswa kwamanzi futhi ziwasebenzise ngokuwonga njengoba kungathatha izinsuku ezintathu ngemuva kokuvalwa ukuze amanzi abuyele esimeni ngokuphelele.

Umasipala uthi kuzotshalwa amathangi amanzi lapho kudingeka khona.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)