Ukhonjwa eqenjini laseThekwini uGavin Hunt

Umqeqeshi obekade ehola iSupersports united, uGavin Hunt kuvela imibiko ethi lo mqeqeshi sekushoda ukuthi athulwe ngokusemthethweni yiqembu le Durban city.

UHunt uzovala isikhala sika Simo Dladla oseseqenjinini loSuthu.

Ngokusho kwemithombo esondelene nabaphathi beDurban City kuthiwa ziningi izicelo ezifakwe abaqeqeshi ukuthatha umsebenzi kaDladla.

OLUNYE UDABA: Selidayisiwe iqembu leSupersports United

Abaphathi beqembu bavumelane ngokuthi belande uGavin Hunt njengoba enespiliyoni esikhulu ekuqeqesheni amaqembu ePSL.

Ufarook Kadodia oyisikhulu esiphezulu kwiDurban city kuthiwa ufuna umqeqeshi ozokwazi ukugcina leli qembu kwiBetway Premiership.

Emthombeni yabezindaba kuke kwavela igama lika-Owen Da Gama osanda kuxoshwa iMagesi fc kanti njengamanje sekuqina igama likaGavin Hunt.

UHunt uqeqeshile emaqenjini amaningi esingabala yona iSupersports united, iBidvest Wits, iKaizer Chiefs, iBlack Leopard kanye neMoroka Swallows.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)